Podcast Episodes
Back to Search
#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ukubonga indalo kaMvelinqangi ayidlulisela kithina njengezidalwa zakhe. Sizidalwa nje ngokwehluka kwezinhlanga sehluka futhi nasezindleleni zokwenza. Ngokwesintu singabamnyama base Africa sasibonga kanjani, nanamhlanje okusalindeleke sibonge.
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sibheka izindlela ezahlukene zokuhlanza umzimba emuva kokudla izicoficofi ngesikhathi samaholidi.
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizini no Mpumelelo Zikalala - Sibheka Udaba lokuboleka nokubolekisa ngemali ngokungekho emthethweni
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Unayo yonke imininingwane ephelele ngalomuntu olanda ingane yakho esikoleni ngemoto ? Imoto uyayazi yini ukuthi isesimeni esinjani?
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Sikhipha ulwazi oluyisendlalelo ukuthi labo abafuna ukuba yingxenye yohlelo bathumela kanjani izinto zabo ukuze zifike kuthina besebenzisa izindlela zobuchwephesha.
1 year, 2 months ago
#Jabulujule -Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sibuka ukuthi iyiphi noma izibhadu ezashiywa yimpi yase Sandlwana uma sibheka isimo ngqondo somuntu ompisholo. Ukhona uMbuso Khoza oqhamuka kwi (Mbuso Khoza institute) okuyiiskhungo esibhekela ukulonda kolando nokuthuthukisa isintu sakithi nokulonda amahubo esizwe sabantu abampisholo.
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Ingono Yomsam no Dr VVO Mkhize - Uma kuqala unyaka kuningi abantu abakwenzayo ukulungisela unyaka wabo kunamasiko nemikhuba abayenza ukulungisela unyaka wabo, ezinye zezinto ezibalulekile empilweni yomuntu ukondla umphefumulo, abantu banezinhlelo eziningi , Namhlanje sithi umuntu akaqinise kulokhu akholelwa kukona, uma ushisa impepho ukhuleka kwabakini,ubika ekhaya ngezinhlelo zakho phambi kokuthi ubuyele emsebenzini.Isibusiso sisekhaya
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Silale ngezindaba ezishaqisayo zokudlula emhlabeni kwesihlabane somculi uWinnie Khumalo ...sikhuluma no Malungelo Nyawo owaziwa ngelika Malungelo, ungomunye wabantu osebenza naye kakhulu emculwen
1 year, 2 months ago
#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesilisa okhala ngokuthi wathola ukuthi uNkosikazi amlobole ngezinkomo eziyisithupha uyahlobonga wabatshena nase khweni lakhe bavuma ukuthi kukhona okumele kubuuyele ngakuyena kodwa manje bayamziba
1 year, 2 months ago