Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 March 2026

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 March 2026

Published 2 weeks, 6 days ago
Description

Ngiyabingelela kuwe Mam Khoza.  Ngokuthunywa umndeni sikwa Mhlabuyalingana ngokuhlala sidinga usizo. Sinenkinga yokuhlushwa idlozi okwa-kumele lithathwe umama wethu kodwa wagcine engalithathanga. Manje uma siyobheka kubantu livela kithina sonke sizingane zakhe kanye nakubazukulu imbala. Kumanje lento iyasihlukumeza emndenini ngoba sivalelekile ezintweni kangangokuthi akekho noyedwa umuntu osebenzayo layikhaya, akushadi muntu . Sididekile kumanje ngoba asazi uyena muphi umuntu okumele athathe lolubizo. Siyacela nisilekelele ngoba sesichithe izimali eziningi sizama ukulungisa lesisimo kodwa akulungi lutho,sibulawa nayindlala kumanje ngoba abantu sebasiqole kakhulu sivele singenalutho. Siyacela mamKhoza nisisize asinalutho esandleni kodwa sidinga usizo ngoba sigcine sesixa-bana ngasodwa sogcine sesibulalana kumanje asizwani egcekeni kunzima. Ngiyabonga, ngiyathemba sizosizakala. Okhathazekile Kwamhlabuyalingana

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us