Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sekuphele iminyaka emithathu singezwani ekhaya kuthiwa mina ngiyathakatha. Ngicela ningisize njengoba senginukwe kangaka nje liyogezeka kanjani igama lami.
Published 7 months ago
Description
Mam Khoza sekuphele iminyaka emithathu singezwani ekhaya ngaphandle kwengxabano, lento yokuthakatha ngize ngayizwa 2 weeks ago ngizwa ngomtanami naye obekade engangikhulumisi kodwa osengikhulumisa manje uthi sebehambe abantu abahlolayo abahlukene bonke bakhomba mina bathi ngiyathakatha kodwa oyedwa owokugcina abahambe kuye ufike wabaphikisa wabatshela ukuthi cha angithakathi anginawo kwamuthi nje angiveli nakancane kwabaganga ekhaya. Lady D nabalaleli bomsakazo Ukhozi FM ngicela ningisize njengoba senginukwe kangaka nje liyogezeka kanjani igama