Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 19 June
Description
Ngingowesifazane ona26 nginomntwana oyedwa ngihlala nobaba
ongizalayo,no mamncane kanye nama siblings ami amabili
Umamncane washada no baba 15 years ago futhi
sonke lesiskhathi bengimhlonipha umamncan kakhulu. Inkinga iqale 3 years back umamncane esephuza ngaloluhlobo
engingalwazi ubephuza ngokufihla since ekhaya kukholwa kodwa manje senza
kakhulu. 3 years back waletha indoda emzini ka baba ezophuza nayo
waythola lendaba ubaba baxabana wamxolela ubaba.
Manje mamkhoza last year umamncan athi angimkhaphe ayemshadweni
wakubo masfika aphuze kakhulu athi sogoduka kusasa ebusuku egumbini
esaslele kulo ngaphaphama ngilele embheden naye umamncan kodwa
umehluko ukuthi umamncan wayenza ucansi nomlisa thizeni ngashaqeka
ngalesenzo.
Ngaphinde ngambhaqa esegumbini lam lokulala ekhaya benza ucansi
nomngan wakhe oyintombazane ngathula ngangasho lutho naye
akangibonanga and manje nje siyile kwi groove wafike waqabula indoda ka
mnganwakhe..mamkhoza sekukningi manje akwenzile kanti nenhlonipho isiya
ngokuphela ngiyasaba ukumtshela ubaba ngoba uyamthanda wathi akaziboni
ephila ngaphandle kwakhe kodwa iyanginenga lento ngoba akahloniphi nami
uqobo njengoba engamhloniphi nomyeni kanye nekhaya lakhe
Ngenzenjan mamkhoza..cela ukuba u anonymous.