Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 July
Description
Ngahlangana nowesifazane ngisayi security , yayizofaka CV la ngangisebenza khona.
Yakhula ke into yethu, sathandana emsebenzini babengazi kodwa wakhulelwa
silokhu singasho ukuthi kwenzekani. Yazalwa ingane yentombazane, lento yokuthi
umuntu ungamazi isismo sakhe sempilo ngoba vele uam nithandana ngesinye
isiskhathi ezinye izinto ziyasalela ngemuva singabuzi kanti usisi udla medication
yokhwantalala, kwakuyimfihlo yakhe ukugula, wengazange angitshele.
Inkinga iqale emuva kokuthi esebelethile, wabeletha ngomthungo, into engixakayo ,
ngikutshela ukuthi losisi wevele atahndaze into engapheli , ehle enyuka endlini enza
iziznto ezishaqisayo aqoqe izinto afune uzishisa azifake umlilo. Ngaze ngafowunela
usisi wkahe kulapho owangichazela kabanzi ngalokugula. Wasethi angibize
amaphoyisa noma ngibize abantu abanamandla ngoba manje angazi Amandla uvele
awatahthephi ukuthi simbophe kuze kube ukuthi uyehla abuyele esimeni , manje
ngesabela ingane yami, ngayithatha ngayihallisa no Gogo wayo umama wami.
Ngangiqala ukuthi vele zehle izinyembezi ukubona into enjeyana, umuntu vele agule
ngekhanda ubuka, ashise izimpahla phambi kwakho, nasemsebenzini baze
bamkhulula ngoba bebona ukuthi uzoba yingozi kuyena nakwabanye abasebenzi.
Udaba olukanje lunzima kumina njengengendoda ngoba ingane yenza u grade 2
ayazi kwenzekani ngoMama wayo angikaze ngasho lutho kanti uMama wayo
wenokufika ezoyibona ngingakatholi omunye umuntu.
Ngizamile ukuqhubeka nempilo ngithole omunye umuntu wesifazane, sinezingane ezimbili manje, okungikhathazayo uphelile unyaka ngingamboni uMah wengane
yami yokuqala,ngapha lona wesifazane engithandana naye uyaluziba loludaba
lengane, akafuni kuzwa ngoba ingane yami ihlala no Mah ekhaya ukuze kungabikho
izinkulumo nokuxabana.
Ngicela ningibonise, ngane yami izokhula ingamazi uma wayo, yebo akaphilile
ngokomqondo kodwa ngiyafisa imazi uNina wayo ingane, ingagcini izwa ngabantu.
Okhathazekile.