Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 11 July
Description
Nginengane ena 16months izelwe kodwa ayikaze ilubhade kubo Yise ngenxa
yokuthi akazange ahlawule uBaba wengane.Ngiphuma ekhaya elinomthetho uBaba
akathintwa, nokuthi angixoshwanga ingoba mhlampe ngase ngenza unyaka
wokugcina eVarsity. Umah uyena owakwazi ukungikhulumela kuBaba ngoba
shukuthi ngangizohlupheka nengane ngaphandle.
Umlisa lona selokhu wathembisa lokho lokho ukuthi uzoza ekhaya ezovela .
Ubuntombi bami bathathwa uyena waphinda wangikhulelisa. Wayelokhu
engithembisa ukuthi uzoza ekhaya azovela aphinde ahlawule negane, lapho
ngangisamithi kuze kube namhlanje lutho.
Into engicikayo ukuthi uyasebenza kahle futhi umondla kahle umntwana, uphatha
ama phone abizayo awo 18k kodwa uhlulwa ukukhipha imali yenhlawulo, ugqoka
izimpahla ezibizayo.Uhlezi ehamba izindawo zobumnandi unemoto. Mam Khoza
abanye abantu besilisa angibazi bacabanga kanjani, uphila kanjani wazi unengane
ongakaze uyibone ngamehlo uyigcina ezithombeni kuphela, ujabula kanjani,
ukhululeka kanjani emoyeni.
Angisazi ngithini kuyena ukuthi aze kohlawula nami futhi sengiphelelwa
nayithemba ukuthi uyoze ayilungise eyami indaba uma esehlulwa ukuhlawula
ingane yakhe. Mam Khoza ngingumuntu wesifazane, ngiyashelwa phandle kodwa
ngiyazibamba kodwa yena ngathi udlala umacashelana ngapha omakhelwane
bayangikhuluma ngathi kukhona into engibakweleta yona, ungibukanisa
nomphakathi.
Ngingumuntu obekezelayo,abukho ubudlelwane obu perfect Mam Khoza emuva
kokuthola ngomzala wakhe ukuthi ukhuleliswe enye intombazane yaduze nase
khaya kubo ngavele ngaphoxeka ngoba nganginokuya kubo ngiyovakasha
leyantombazane iyangazi kanti nayo ingenza isilima. Lokhu kokuthi ubesemithisile
angizange ngibatshele ekhaya ngoba phela kuqondane nami bona ekhaya
bakhuluma udaba lengane.
Ngisho esekhulelise omunye umuntu ekhaya angizange ngibatshele, ekhaya bami
ngento eyodwa ukuthi akahlawule ingane uam efuna ukuyibona ,uBaba ume ngento
eyodwa uthi angeke ayibone uzoyigcina ezithombeni kuphela. Ingane ihlala nathi
ekhaya, uma siyothenga ngihlezi ngihamba nabazali bami sekungathi yingane
kaGogo kanti eyami ngendlela abayitahnda ngayo, angikwazi ngisho kungathiwa
ufuna ukuyibona ingane angeke ngikwazi ngisho nokumbonisa.
Manje ngibuye ngibe nokumzwela uma esemphostile ku facebook. Ngike ngazama
ngo May ukuthi asihlangane eMall leso sikhathi esincane ukuze ambone umntwana wajabula ukumbona umntwana manje ngiphinde ngishawe unembeza wokuthi
ekhaya abazi ukuthi sengiphinda ngibonana nalomlisa ocishe wangixoshisa ekhaya
ngenxa yokuthi akafuni ukwenza into eright. Ngiyamthanda impela kodwa
uyangiphoxa.
Angazi noma isenzo sami asizomenza agcine engasayiphatha eyokuza ekhaya
angazi. Ngiyazi ekhaya balandela isintu kodwa I feel ukuthi bacindezela ilungelo
lengane ngoba I don’t want my child to experience ukukhula engamazi uBaba
wakhe, kube ngathi abazali abekho sikhona sobabili. Ngifuna ingane yami ibe
nobudlelwane noBaba wayo kodwa kunzima ngoba umthetho wasekhaya umile.
Bengicela ningibonise ngenze njani ,sicela abazali basikhulule ngoba ekugcineni
kuhlukumezeka izingane uma bona sebehambile ngoba ingane ayikaze yenzelwa
lutho nalana ekhaya uqinile umthetho kanti kubo Baba wengane benza izinto
zesintu, iyona nto ahlezi engithusa ngayo ukuthi ingane yami izoba nenkinga kodwa
akafuni ukuhlawula angisazi ikuphi ekumele ngikwenze.