Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 12 July
Description
Mam Dudu bengisacela ukusizwa lana ngengane
yendodakazi yami eyashona ngo 2016.
Indodakazi yami engasekho emhlabeni eyashona ngo 2016, yathola ingane
yentobazane eyithola komunye umlisa kanti kuzokwenzeka adlule emhlabeni. Uma
siqeda ukungcwaba indodakazi yami yabe ke I (boy friend) yafuna ukuthatha ingane
yabo ngala kumina njengo Gogo, kodwa ngoba ebengalobolanga njengoba esefuna ukuthatha umtwana,kuthe kusuka beza bezohlawula sase sivumelana ukuthi ingane
ingahlala naye kodwa uma kuvalwa izikolo umtwana angavakashela u GOGO oyimi.
Okanye azovakasha I weekend eyodwa enyangeni. Savumelana,kuthe ngisabhekile I(GIRL FRIEND) entsha yakhe lomlisa yangitsheela ukuthi ngingasakhulumi noBaba
womntwana ngiqale kuye uma ngifuna umtwana, okay Mam Khoza azange ngilwe
ngathobela umthetho kuthe kusuka lapho ,azange baqalise ukulandela into ebhaliwe
phansi mhla kwakuzohlawulwa ingane ,ngaqala ngasokola ukubona umzukulu wami
ngicela loncedo yingoba seba ngibloker nasezingcingweni zabo.
Ngo June ngiye la bebehlala khona ngathola umbhalo othi ( house to let) ngabuza
kumakhelwane wathi sebahlala eMpumalanga angazi kuphi neMpumalanga.
Ngashonelwa yindodakazi yami , manje bathatha lona engimbiza ngomzukulu,
sengikhalela ukuthi angivakashele okungcono noma ngingasahlali naye, noYise
akasabuyelwa nawunembeza, usevele wangilahla engazi ngisaphila kanti ingane yami
lena eyashona iyona yodwa ingane engabusiswa ngayo, angilali ebusuku ngicabanga
nge abuse yala ekhona.Ngicela ningibonise ngenze njani,uma kukhona umuntu owake
wabhekana nale nkminga angicebise ngenze njani. Angilwi namuntu kodwa bengicela
ukuboniswa ukuthi esimeni esinje ngingenze njani? Ngiyabonga Mam Khoza
nabalaleli boKhozi FM