Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 17 July

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 17 July

Published 2 years, 8 months ago
Description

Ngiyabingelela mam Dudu Khoza nethimba lakho osebenza nalo
okhozinifm kanye nabalaleli bokhozi fm.
Ngicela ukuba wu Ano nginenkinga lapha ngisacela abalaleli bengisize uma benolwazi mayelana
nalento engibhekene nayo.
Ngiwumuntu onobizo lwabadala kodwa ngiwumkhuleki nje ngisiza abantu ngingowesifazane
oneminyaka engu 35, kunomuntu weslisa ebengithandana naye, ngesikhathi sisathandana senza
lomsebenzi wokuhlanganisa isdalwa , wokumbika esidalweni sami sawenza nje waphelela
kwahlatshwa nembuzi ebikwa edlozini lami kodwa besingakashadi sinaye kwakumele siwenze .
Inkinga ke iqale lapha sesixabana sahlukana mina naye sekuphele iminyaka emine ngingamazi umuntu
wesilisa , noma ngingathi ngiyahlangana nobhuti angichaze kodwa kuyosa ngakusasa ngingasafuni
nakumbona inkonzo nje yasekamelweni selokhu ngayigcina ngaye 4 years back , ngagula ngacishe
ngafa ngithi ngiyazama nomunye umlisa ngaphalaza ngakhishwa yisisu ngamuzwa enginukela
ngazizwa ngimenyanya same time angibange ngisenza lutho naye , uma ngiyilandela indaba kuthiwa
isdalwa sami sakhetha lo owahambayo manje kumele kugqabuke lelogoda elaboshwayo sengizamile
ukwenza akwenzeki , naye uma ngimcela ukuthi siligqabule igoda akafuni ukuza sizokwenza ,
ngiyaludinga usizo ukuze ngizoqhubeka nempilo ngiyamdinga umuntu engizophilisana naye nami
empilweni.
ngicela onolwazi noma nakubo abelaphi bendabuko uma umuntu ekhethwe yisidalwa sakho ethandwa
yiso kodwa senihlukene wenzanjani ukuze uqhubeke nempilo.

Ngiyabonga.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us