Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady d 19 July

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 19 July

Published 2 years, 8 months ago
Description

Ngibingelele kuwena Mam Lady D kanye no Khozi ngisacela
ningifihle mina ngingo wesifazane oneminyaka engu 26 sengineminyaka emithathu ngishadile Kanti futhi selokhe ngashada angijabule neze.
Inkinga yami ukuthi umyeni wami usebenza kakhulu ngale ndlela exakile kuze kube
ukuthi isikhathi sami akanaso nhlobo, umyeni wami ungumakhenika wezimoto futhi
leli business lakhe limatasa ngempela ngoba ngosuku uyangenelwa izimoto ezinhlanu
noma ngaphezulu ezinye uyakwazi ukuzilungisa ngaleso sikhathi kuthi ezinye kumele
zihlale Kanti futhi usebenzela khona emzini wethu
Ekuqaleni kwakungijabulisa ukuthi umyeni wami usebenza khona la egcekeni
ngibona nje ukuthi uzohlala eseduze nami njengoba vele nami ngingasebenzi kwaya
kwaya yaphela injabulo yazi egcekeni lakwami sekuhlezi nje kuphithizela amadoda
nami angisakhululekile nhlobo manje.
Indoda yami kuthi kuphuma ilanga useyasebenza yena ebe nasendlini ezongena
sekuhlwile ntambama esefuna ukudla, ageze aqede alale no cansi lwakhe nje
alusangithokozisi nhlobo ngoba usuke ekhathele vele efuna nokulala kumina usuke
esegcina icala nje.
Isikhathi nje nomyeni wami angisazi ngoba ngisho nangawo ama weekend iwona
impela aba matasa kakhulu ngawo kungena imoto eziningi kakhulu Kanti
kuyangixaka ukuthi ngesikhathi sisajola wayesenza isikhathi sami angitshele nje
ukuthi uma kukhona mina uyavala kodwa selokhe sashada akasayingeni nje yokuvala
uvele akhale ngemali ezomlahlekela.
Angifuni ukuzwakala njengo muntu ongenakho ukubonga yena umsebenzi wakhe
uyamenzela imali ngoba usaqasha nabantu abathathu ukuthi asebenze nabo ngayo
lemali nami wangishada ngayo lemali kodwa ngiyafisa ukuthi ngike ngibe naye nami
ngisithole iskhathi sami njengo nkosikazi wakhe kunzima impela angazi ngenzenjani
noma ngithini kuyena ezomenza angizwe cela ningingisize.
Nkinga yami ukuthi akanaso isikhathi sami, sengifana nesisebenzi sakwakhe ngoba
mina akanginikezi isikhathi sami, nginezidingo nami futhi ngiyalingeka ngoba
kukhona amadoda ahlezi engishela kodwa ngiyazama ukuzibamba, ngicela ukuzwa
kwamanye amakhosikazi mhlampe ukhona nje oyaziyo lento engibhekane nayo
kumanje kodwa kunzima ukukhuluma ngayo noma owake wabhekana nalesimo

wenza njani.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us