Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 24 July -

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 24 July -

Published 2 years, 8 months ago
Description

Sanibona basakazi bam

Ngingowesilisa oneminyaka engu 40.Ngithandana nowesifazane(umama
womntwana wami) Ngo 2017 sahlala ndawonye njengoba sasihlala ngokuhlukana

eGoli ekuqaleni.

Nansi inkinga. Sasihlala ngokuxabana size sibekane isandla kodwa emveni
kwalokho kubuye kimi ukuthi nento ebesiyibanga ibingatheni.
Ubethi mayehamba abantu ababonayo,bamtshele ukuthi ngeke alungelwe lutho,
okubalwa nobudlelwano bethu ngoba kumele ayothwasa kuqala.Wayethi uma esho,uyazi ukuthi kumele ayothwasa. 

Ngomhla ka 20 January kulonyaka wavele wahamba waya kothwasa.Nginenkinga-
ke ngoba sesishayile isikhathi sokuthi aphume ngokusho kuka gobela
wakhe,kodwa imali yiyo engekho ukuthi ngimlungisele izinto ekuemle zithengwe
kwenziwe umsebenzi. Akasenabo abazali umama womntwana wami kanti
nabantwan bakwabo abasenzi bonke. Sengihlalile ngedwa kusukela wahamba kuze
kube manje ngaphandle komuntu wesifazane ngoba ngithi ngilinde yena. Nkinga
kuthiwa kuthiwa awakhishwa amathwasa ehlobo,lokho okusho ukuthi kuyoze

kube unyaka ozayo.

Uma ngingazama ukuhlanganisa,ngingakwazi ukuhlanganisa imali yenkomo
eyodwa ngoba nami ngixakekile,nakhona angazi noma akuyoba ngiyamonela
edlozini nakugobela wakhe nanokuthi akukho yini la engiyoshayeka khona
ngokwenza lokho? Ngeke ngizikhone ezimbili,ekagobela nalena yokuphuma.
Ezimbili bengingazizama aphume ukube bayakhishwa ehlobo ngoba
bengizohlanganisa phakathi nonyaka. Nasi nesiskhathi sihamba,sekungaze
ngilingeke ngoba phela nginemizwa futhi nginezidingo kanti bengisazibambile.

Ngicela ningibonise,ngikhathazekile.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us