Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 25 July
Description
Nginomuntu engithandana naye kusukela ngo 2021.ngiyamthanda ngayiyonke inhliziyo yami,uyangthanda naye savumelana ukuthi sizohlala ndawonye ngoba
sonke sise eNewcastle kuzozama impilo.Inkinga yilana:lapho ubesebenza before
ubehola imali incane, so ngacabanga ukumzamela umsebezi lapho engisebenza
khona and kwasilungela lokho ngisebenza naye manje.
Ngavuma ukusebenza naye ngoba ngiyamthanda and akekho omunye engithandana naye. Kodwa noma kunjalo
sinenkinga phakhathi kwethu and sizamile ukuyilungisa kodwa okwamanje
ngiyabona siyahluleka and anginayo injabulo empilweni yami. Sixabana njalo
ngokuthi mina ngimatasa kakhulu namantombazane even thoough akaze angithole futhi angikaze ngimjolele. Ngizame konke okusemandleni ami
kumukhombisa uthando nenhlonipho phakhathi kwabantu kodwa akulungi.
Ngayeka u facebook ngoba wathi akathandi ngiwusebenzise, akamfune umuntu wesifazane eduze kwami futhi akathandi ukuthi ngikhulume nomfana oseduze
kwentombazane.Ungisukela nomuntu even ohleli more than 100 meters from me
angitshele ukuth ngibukana naye emehlweni.
Uma ngingaphakamisa ikhanda then kube ukuthi leyo side kukhona umuntu
wesifazane Ngisizeni balaleli kwenziwani makunje? Ngihlala naye endlini,
ngihamba naye njalo even efonini asinankinga anginaso even i space samantombaza
ngoba njalo ngihlala nginaye kodwa still uthi ngiyamjolela and kangithembi.
Uyaziwa ekhaya ngoba ngifuna ukumshada,bayamthanda kakhulu abazali bami
kodwa abazi ukuthi ngihlangana nalenkinga nomuntu wami. Angisoze ngamjolela
umuntu wami ngoba anginaso isizathu zalokho ngiyamthanda and ngiyaneliseka
ngayo yonkento kodwa asinayo injabulo ngoba akangithembi kodwa ngi honest
kuye and angenze izinto akhala ngazo into engimangaza sometimes ukuthi uma
ngenza same way ayenza kimi ngimtshele ukuthi abukana nabafana emehlweni
uyakhala athi ngiyamhlukumeza and angikwazi ukumphatha kahle umuntu
wesifazane.Ngisizeni ngoba ngyalemala ngaphakhathi ngothando enginalo kuye..
From Ano e Newcastle.