Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 August

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 August

Published 2 years, 7 months ago
Description

Ngibingelele kuwena Mam Khoza nethimba lakho nabalaleli
bomndeni woKHOZI FM. Ngingowesifazane osemncane osazimisele ngokwenza
okuhle ngempilo yakhe, nginenkinga Lana kushuthi angiqale Lana ngisemncane
ngila ko 8 years ngadlwengulwa nguBaba wami ekwenza lokho
ephindelelela, lokho kwaphela mhla uMama wam eshiya umendo ephindela Kubo,
akaze ngiyixoxel muntu nendaba ngaleso skhathi ngoba baba wayengithembisa
ukungibulala.
Kubo ka Mama, kushuthi ngithe ngifunda grade 11 ngibe sengizithola
sengisemathandweni nomfana wakhona ngasekhaya. ekhaya ke bebengayizwakahle indaba Yethu kodwa Mina ngaphikelela ngoba ngimthanda, siqala
ukuthandana ngamtshela ngalento eyenzeka kimi ngisamncane wakhomba
kuzwelana nami. okungiphatha kabi, lokhuu ngaba naye othandweni akekho
supportive kimi nezingane akazondli uma enemali uziphuzela tshwala abuye
azongithuka okubuhlung nokungiphatha kabi ulokhu engthuka ngokuthi
ngadlwengulwa, uma lapha emgaqweni angisho ngezinhlamba, okubuhlungu
angizicelelanga ukudlwengulwa, athi ngiyisilima anginanqondo, ziningi kakhulu
izinhlamba angithuka ngazo.
Wangitholela indawo langihlala khona, ngase ngivula i-Tuck shop lenga
engiziphilisa ngayo izingane zethu. Inkinga akangethembi lokhu ethi konke lokhu
enginakho noma engikwenzayo ngikwenzelwa ngabafana lapho angimjoleli nhlobo,
uyagishaya angihubhe ngomese nesibhamu.
Okungaphathi Kabi kakhulu ukuthi zonke lezinto akekho ongikholwayo kuthiwa
nginamanga, ngiseke ngazama nokuzibulala ngenxa yalento engihluphayo emoyeni
kanye nalo mlisa engithandana naye angisazethembi nhlobo ngiyafunda eUnisa
sengize ngama ngoba ngiyahluleka kuningi ngingedwa ngapha Lo mlisa hleze
ekhuluma amagama negative �� lomuntu ungijolele waze wakhulelisa, mangithi
ngiyakhuluma naye athi angisiye uMama wakhe.
Ngiyafisa ngabe ngiyafa kunokuphila kanjena ngiphiliswa muntu ongangenzeli
Lutho ongangiphi ngisho imali yensipho kuphela Mina nje okumele ngilokhu
ngimondla akangazi nokuth ngiyini.Mina anginabo abazali sebashona bonke
uhlekisa nangalokho, akafuni ngibe nabantu engihleka nabo uma kuyintombazane
vele athi bangifundisa uthanda amadoda, mangihleka nama customer vele athi
amadoda ami.
Ngicela ningbonise ngenzenjan makunjena ngihlala ngisendlini ngiyazenyeza
kwamina, njengamanje ngiyabona usizo ngiyaludinga ngendlela okwenzeka
ngakhona lesilonda sokudlwengulwa siyabhibha ngathi kade kwenzeka manje
isizathu ilomuntu ongikhumbuza usuku nosuku ngibe ngadlulisa.
Kwenziwa njani makunjena. Ngiyabonga Mam Khoza.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us