Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 23 August

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 23 August

Published 2 years, 7 months ago
Description

Ngibingelele oKhozini igama lami ngu Nombulelo ngina 33
iminyaka nginenkinga no sisi bami ababili abangakwazi nhlobo ukubonga,mina ngu
Dokotela njalo ke ngenyanga ngiye ngithumele imali engango R3000 kodwa nje
oDadewethu babona sengathi angifuni nemali njengoba ngingu Dokotela, mina
angiliboni iphutha lami kule Mali engikhiphayo ngoba phela nabo bayasebenza yize
imisebenzi yabo ingafani neyami kodwa bayasebenza mina nje imali esuke ngifaka
ukuthi igcwalisele okuzoshoda
Kanti ke futhi mina ngishadile futhi nginezingane angazi ukuthi yindaba belindele
ukuthi ngibakhiphele izizumbulu kodwa nami ngibe ngino mndeni wami okumele
ngunakekele, baseke bangitshela ukuthi kumele ngifake imali ethe ukuba ningi kunale
engifakayo ngoba bahlala no Mama ekhaya okusho ukuthi bafuna ngibakhokhele
ukuthi bahlala no Mama wabo nabo kodwa benza ngathi basiza mina ngokuthi bahleli
naye akusikhona nokuthi uMama ungu muntu ongakwazi ukuzenzele lutho, uphilile
nje kahle nami ngake ngamcela uMama azohlala nami wanqaba wathi ngeke akwazi
ukushiya umuzi wakhe no mnyeni wakhe
Kuningi kakhulu engikwenzela umndeni wami ngoba ngisho imshwalense
yokungcwaba bakhokhelwa yimina konke nengane zabo kodwa abakaze babonge
noma bafake isandla yonke into edinga ukukhokhelwa kuba umthwalo wami
ngaphezu kwale mali engihlale ngithumela nayo nje sengiyayithumela ngenxa nje ya
Mama ukube akekho ngabe Kade ngaphuma kubonaangeke ngisho ukuthi kukhona izeluleko engizidingayo kubalaleli kodwa ngiyafuna
ukudlulisa ukuthi abantu ikakhulukazi amalunga omndeni ukuthi akasicabangele nathi
ukuthi sinemindeni nathi , sinezingane , abayeni ekugcina lokho kuk’xabanisa
nomuzi wakho wakho. Kumele bayeke ukucabanga ukuthi umuntu owenza
lemisebenzi ephezulu ehola kakhulu efana nowami kusho ukuthi unayo yonke imali
emhlabeni awusweli lutho ngoba lokho akusilona iqiniso nathi imali yethu iningi
injalo kodwa nayo inezinto ekufanele izenze, inezinkinga esuke izilindile isebenze ize
iphele njengo mholo wawonke umuntu
Ngibonge ithuba.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us