Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 18 September
Description
Ngiyabingelela emsakazweni ohamba phambili mina
ngowesifazane oneminyaka ewu 20, nginenkinga nje yokuba no Mama
ojolayo, uMama wami uneminyaka engaphezu kuka 50 kanti ujola nje
nomfana ongishiya ngeminyaka emine
Inkinga ke ukuthi lomjolo ka Mama nalo mfana usumfake kwezinkulu izinkinga
yezikweleti, ayikho into uMama angayenzeli isoka lakhe uma nje selishilo
ukuthi lifunani sengamane thina ekhaya silale singadlile ukuze phela
azomthengela into ayifunayo Lapho yena umfana uyasebenza kodwa umaeholile uyanyamalala nje angaziwa ukuthi ukuphi aze abuye engasenayo imali
esozoyicela kuMama
Okongiphatha kabi kakhulu ukuthi nginakho ukuhlangana naye lomfana uma
ngizophuma nabangani bami siye ezindaweni zobumnandi angabi nawo
amahloni ukuthi ngikhona enze noma yini phambi kwami namanye
amantombazane kanti futhi njengoba engumuntu wobumnandi nje akeve
ewalahla amafoni akhe mase ecela uMama ukuthi amthathele enye estolo
ngesikweleti kuyimanje nje uMama akanalo ucingo ngoba walinika isoka
lakhe nakhona ngoba akasakwazi ukuthatha estolo ngesikweleti
Okokugcina nje okongiphatha kabi kakhulu ukuthi uMama ubeyiboleka imali
kubantu azwana nabo kodwa manje abasamniki ngoba akakhokhi
osekumenza ke manje aboleke komashonisa, usedayisa izinto zasendlini
ukuze nje azonika isoka lakhe imali, kubuhlungu kumina ukumbona engena
kangaka ezinkingeni lapho angikwazi nokumsiza ngoba mina ngiyafunda
angisebenzi
Ngiyafisa ukumsiza ukuthi abone indlela azimoshela ngayo kodwa angazi
ukuthi ngenze kanjani ukuthi abone futhi angizwe ngoba phela hlampe
uzobona ngathi ngiyameyisa uma ngingena izindaba zakhe zothando cela
ningisize ngemibono yenu.