Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady d 27 September
Description
Ngicela ukubingelela kuMam Khoza nethimba lakhe
mina ngingo wesifazane oneminyaka engu 28 sengineminyaka eyisikhombisa
ngishadile kodwa angisajabule nakancane
Inkinga yami ukuthi angibatholi abantwana nomnyeni wami osekungifake
phezu kwenkulu ingcindezi ngoba amanye amakhosikazi agane obhuti
bomnyeni wami wona azele yimina nje kuphela osele
Ngokuka Dokotela ayikho inkinga enginayo Kanti yena umnyeni wami unazo
izingane ezimbili azithola ngaphambi ngokuthi sihlangane okwenza kube
yimina umuntu onenkinga njengoba ngingabambi nje, umnyeni wami uhlale
ehamba izangoma nabathandazi abuye nezimbiza neziwasho kuthi
asikuphuze kodwa nje akwenzeki lutho, no cansi lwase mshadweni wami
alusekho nje mayelana ngokujabulisana njenge zithandani sekwahlala
kumayelana nokuthi kumele ngibambeNgelinye ilanga udadewabo mnyeni wami wangitshela ukuthi amakhosikazi
agane la ngigane khona ayethi shuthi njengoba ngingazali ngayivala inzalo
okwangiphatha kabi ngoba shuthi hlampe yinto wonke umndeni oyicabangayo
ngami, sekwaze kwakhulelwa omunye unkosikazi ekhaya ogane ngemuva
kwami, ngiyabuka nje ukuthi hlampe umnyeni wami ngimenza inhlekisa
kobhuti bakhe.
Impilo yami nje isinzima, ngizizwa ngiyesehluleki somuntu wesifazane, ngathi
ngihlulekile nje nokunika umnyeni wami isithunzi njenge ndoda sengiyasaba
ukuthi hlampe maduzane uzongishiya noma amithise ngaphandle noma avele
angilamanise okuyinto engingazifiseli yona, kubuhlungu kumina ngisho
ngibona umuntu wesifazane okhulelwe noma ophethe ingane, mina ngikhule
nje ngingabuthinti utshwala kodwa manje sengahlala ngumuntu oshaya istiff
emfihlakalweni ngoba ngifuna ukudambisa ubuhlungu benhliziyo engihlale
ngibuzwa
Ngiyafisa ukwazi ukuthi ukhona yini umuntu wesifazane oseke wadlula kule
nkinga engibhekene nayo kwagcina kulungile yini, ayikho into
engingayijabulela njengokuthola ithemba elisha ko dadewethu abangabalaleli
boKhozi, ngiyabonga.