Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 02 October

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 02 October

Published 2 years, 5 months ago
Description

Ngiyanibingelela Lady D nethimba lakho
ngowesifazane oneminyaka engu 28 kunento engifisa ukuyikhuluma eyimfihlo
esekuphele iminyaka ngiyifihlile , into engingakaze ngayitshela muntu
ngiyathemba ukuthi hlampe ngizozizwa kangcono uma sengixoxe ngayo
khona la
Ngisakhula ngina 16 years ngangino mngani silingana mina naye sizwana nje
kakhulu , shuthi ke kwathi ngomunye nje ulwesihlanu umngani angicele ukuthi
ngihambe naye ngawo ulwesihlanu ebusuku ngoba khona isoka alitholile
manje lifuna ukumkhipha ngakho ucela mina ukuthi ngihambe nabo ngoba
wayengakamazi kahle lomfana wathi uma ngikhona mina uzophepha,
ngivume ke nami nangempela ebusuku ngeqe ekhaya naye enze ngokunjaloasilande umfana wasiyisa endaweni yokucisha ukoma, kwathi ke
makuqhubeka ubusuku umngani angitshele ukuthi uzohamba naye umfana
mina bazongiyisa ekhaya nangempela kwenzeke njalo
Ngakusasa ekuseni ekhaya kufike abazali bamngani bezombuza ukuthi
ukephi ngoba kuvukwe ekuseni engekho ngimphike ngithi angimazi
ngizitshela ukuthi ushawe iskhathi usazobuya uma kuhamba usuku, kwaze
kwafakwa namaphoyisa bemfuna nakhona futhi ngasaba ukusho ukuthi
ngimgcine nini futhi besiyephi ngicabanga nje ukuthi ekhaya bazothini uma
bethola ukuthi nami ngihamba indlela zasebusuku, watholakala umngani
hlampe emuva kwama viki amabili eseshonile , wabulawa ngoba watholakala
enemanxeba okugwazwa ehlathini.
Emva kwaleso sgameko ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngilikhulume
iqiniso ngoba ngase ngibona sengathi sesiside iskhathi ngithule, ngizitshela
ukuthi hlampe ngizoboshwa kuthiwa bengithuleleni nolwazi olungaka ngathula
kanjalo ke ngangasho ukuthi kwenzekani ngosuku engagcina ngalo
ukumbona
ngiyafisa engabe iskhathi siyabuyiseleka emuva ngilungise ngikhulume
hlampe ukube ngakhuluma ngesikhathi babezokwazi ukumthola esaphila
noma okungenani bathole umuntu owenza lento ebuhlungu kanje kuyena
ngoba akukaze kuboshwe muntu ngokubulawa kwakhe, angiphindanga futhi
ngambona noma ngahlangana naye loya mfana agcina ehambe naye,
sekuphele iminyaka engu 11 lento yenzeka kodwa namanje angikutholi
ukuthula emoyeni wami, alukho usuku oludlula ngingazisolanga ngesinqumo
sami
Benginibhalela ukukhipha nje okuse nhliziweni yami ngoba angiboni ukuthi
ikhona into engingayenza ukulungisa yonke lento
Ngicela ningifihle , ngibonge nangethuba.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us