Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady d 11 October

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 11 October

Published 2 years, 5 months ago
Description

Sawubona MamKhoza nabalaleli bomsakazo uKHOZI
FM:Ngicela ningisize ngingowesilisa onenkinga.
Inkinga yami iqala lana , ngonyaka ka-1998 ngithandane nowesifazaneebengimuthanda ngenhliziyo yami yonke, kubo bekusendaweni yase-Harmmasdale
kanti nami bengihlala kuyona lendawo futhi ngisebenzela khona,akubanga isikhathi
eside sithandene ngabe sengithumela omalume kubo ukuba bayovela bacele isihlobo
esihle.emva kokuba ngivelile kubo ube esengibikela ukuthi ukhulelwe kanti
nezimpawu zokukhulelwa zabe sezibonakala impela.
Kusekuhle kunjalo ngimbhadame oqotsheni kubo nowesilisa owayekhulile kakhulu
kunami ngokweminyaka nokwenza sixabane nomuntu wami bachitheka
bugayiwe.kwaba ukuhlukana kwethu nami ngabika udaba ekhaya njengoba
lunjalo.abasekhweni lami bacela kufike abakhongi ukuze kuxoxiswane ngesimo
kuzanywe isixazululo kumbe indlela eya phambili.
Ingqinamba yaba ngasohlangothini lwami kwazise abakhongi abafunanga ukuya
khona njengoba kwasekuqaleni babengahambisani nokuthi ngithandwe elokishini
zikhona izintombi zasendaweni ngokombono wabo,ngakho-ke konke kwasala
kulenga nje kanjalo.ngenkathi ngilandelela ngathola ukuthi umakoti wami uhambe
nayo indodamphini engamubhadama nayo wayohlala nayo.njengoba sengikhulile
iyabuya lento yokuthi ngahlukana nomuntu owayekhulelwe futhi ethi ukhulelwe
ingane yami.sebathutha kubo kwalentombazane engikhuluma ngayo angibazi
bashonaphi,yona ke vele ibingasahlali nabo isiyahlala kuyo lendoda engababhadama
nayo.
Ngihlushwa unembeza wokuthi hleze ngempela ingane kwabe kungeyami.ngifisa
ukwazi kungabe yazalwa yakhula nokuthi kungabe isaphila na?anginazo
izimpendulo.kungenzeka ngizitshele ukuthi ngangigqokiswa ijazi kanti ilendoda
eyagqokiswa ijazi. Mangingaxhumana nalengane kungaphoqa ukuthi kwenziwe
ulibofuzo. Ngicela ningilekelele kungabe kufanele ngenzenjani ukuze ngithole
ukuthula emoyeni wami?
Anonymous.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us