Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 31 0ct

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 31 0ct

Published 2 years, 4 months ago
Description

Sawubona mam Lady-D nethimba lakho. Mah wami
ngokuhlala ngise Mthwalume kwaqolqolo igama ngicela ukuligodla.
Indaba yami ikanje mah nginenkinga nginengane eneminyaka elishumi
10yrs manje shukuthi ngaba sebudlelwaneni uBaba wayo kuthe sengina
4months ngikhulelwe wathi angisikhiphe isisu, ngoba ethi yena akahlangene
naleyo ngane yena, ethi unomama wengane yakhe.
Mam Khoza ngaye ngavuma wanginika imali yokuthi angihambe
ngiyokhipha isisu ngayithatha kodwa angizange ngiye lapho
ngangayikhipha ingane ngaze ngayoteta engekho empilweni yengane.
Kuthe isikhona ingane yangaphila kahle ifuna lezinto zamasiko akubokwayo
ngagcina ngiyihambisile khona kubo wayivuma uBaba wayo ngaba
nethemba  lokuthi usezoyondla ngoba ubengayondli engenandaba ngoba
yayingaziwa nakubo manje seyaziwa shukuthi sezoyondla kanti
ngiyaziphuphela nje waqhubeka nokungayondli ngatshela ukhuluh wengane
ukuthi akayondli ingane uyise, wathi umuntu omdala wathi uzokhuluma
naye  kuthe kusenjalo ngambona eseyikhipha imali uBaba wengane
eyondla ngo R300 ngathula ngamukela lokho noMawakhe athi angamukele
loku anginika kona. Kuhambe kwahamba ingane yagula kwadingeka ukuthi
iyohlala khona, yahamba ingane yohlala khona kubo,impela yaba ngcono.
Kunesivumelwano mina noBaba wengane esaba naso, isivumelwano
sokuthi mhla ethatha unkosikazi angitshele ukuze ngizothatha ingane yami
ibuyele ngakumina  ngoba angithandi ukuthi ingane yami ihlale ne-
stepmother ngikhona ngoba ngiyazazi iz-tepmother ukuthi zinjani ngihlale
nazo kakhulu wavuma kahle.
Kwenzeka wayakolobola wangangitshela njengesivumelwano sethu
ngazitholela mina ukuthi unonkosikazi ngase ngiyasuka ngayolanda ingane
kubo ngoba unkosikazi wehlala kubo futhi kanti lowo nkosikazi yilowo mMahwengane engangibanga naye. Manje mah akasayondli nhlobo ingane
nangenkathi ihlala kubo wesho umama wakhe ethi akayikhiphi imali
yengane ubaba wayo kwenye inyanga ngicoshacoshe izinto zengane
ngihambise.
Kemanje ma akasoyondli nhlobo uma ngimfonela ngimubuza ngemali
yengane uvele athi uzoyondlelani ingane angayiboni. Manje angisazi ukuthi
ngenzenjani ngicela ukuboniswa ngididekile. Ngiyabonga

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us