Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 16 November
Description
Ngibingelele Mam Khoza nabalaleli bomsakazo UKHOZI FM, ngicela
ukuba u-anonymous udaba lami lumi kanje ngingowesifazane oneminyaka ewu 40 kushukuthi ngo
2019 ngahlukana nobaba wabantwana bami abathathu kwathi 2020 ngathola omunye ubhuti wazibika
wathi kimi naye unabantwana abathathu bomama oyedwa...
Ngokuhamba kwesikhathi ngazitholela ngokwami ukuthi wayeqamba amanga zizalwa omama
abahlukene bobathu. Kanti angibuzanga elangeni ngisazothola ezinye ezintathu ngaphezulu kushukuthi
seziwu 6 enye yesi 7 kune story eside ngayo nakhona azange angitshele ngazitholela ngokwami
nakhona eqale wayiphika nomama abawu 7 ngathula angangambuza for 2 years ngisazitshela ukuthi
kushukuthi usalinde ukuthi athole isikhathi esiryt sokuthi angitshele, ngaphinda ngazitholela ngokwami
ukuthi wayeqamba amanga nangalomsebenzi athi uyawenza nendawo asebenza kuyo usho ikheli
elingekho.
Akugcinanga lapho ngisamangazwe ilokho ngathola nokuthi udla ama ARV's akangitshelanga
ngaqhubeka ngathula ngifuna ukumbona ukuthi ungumuntu onjani ikahlekahle ngathula futhi unyaka
senginabo nobufakazi balokho sengazi ngisho idate yokuyolanda eclinic imishwanguzo, aqambe
amanga kimi athi akayi emsebenzini uyaphumula ngimubuke nje ngoba ngabengazi ukuthi
uyangikhohlisa..
Kulonyaka sekungunyaka wesithathu ngambuza ngakhokonke lokhu waphika mam Dudu waphika
akangavuma ngisho okukodwa ngathi sengimkhombisa bonke ubufakazi bakho engangenza sho ngiyabuqoqa kwaba ima evuma yonke into wangibuza ukuthi ngikuthathaphi lokhu ngathi
akubalulekile lokho..ngabe sengiya eclinic ngenhlanhla unkulunkulu unami ngathola ukuthi ngi
Negative ngidla uprep ngabuya ngamkhombisa icard namaphilisi futhi ngiyawalanda inyanga
nenyanga.. enjalo nje akakwazi ukukhuluma nomuntu uvele akhulume noma ikanjani mangithi
ngiyamtshela ukuthi indlela akhuluma ngayo nami angiyithandii ��athi ngifuna ukumphatha..
Ngicela abalaleli bokhozi fm abangahlulwa yilutho bangibonise ukuthi into ekanje imiswa kanjani
ngoba angiliboni ikusasa la ngibona impilo yamanga kusuka ekuqalen ngicela ningilaphe ngixolise
kakhulu ukuba mude.