Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 6 December 2023

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 6 December 2023

Published 2 years, 3 months ago
Description

Ngiyabingelela mam Khoza nethimba loKHOZIFM nomlaleli
ohmab phambili, ngenkinga Mah angazi noma ngiqale kuphi angazi,
ngingowesifazane ona 29,ngifundile nje impela yikho nje ukthi umsebenzi angutholi.

Nayi inkinga yami Mah, ngi first born ekhaya sizalwa sibabili, ubaba sewashona
sasala no Mah, uBaba wayeyi phoyisa, sasijabule ekhaya then wa cheater uBaba ,
emuva kwalokho lokho impilo yajika waba physical abusive ku mama wethu...
Kwaze kwaba uyadlula emhlabeni uBaba ngo 2009.(angazi noma ngifela ukufana no
baba yini)
Sakhula nje sikhuliswa uMamah ngaphasa uMatric ngayofunda Ongoye, by God
grace ngathola I bursary ngaze ngaqeda ukufunda.
Into eyenza ngithi uMah uyangizonda nayi, lomfana pngilamayo ongilamayo una 23
unezingane ezu 4 zonke lezingane zonke zondliwa umama, wathi emithise le
yesithathu ngathi mina akabuye esikoleni azogada ingane yakhe " amazwi ka mama
athi ngeke abuye ngoba uzophazamiseka esikoleni" nakhona uze ayofunda eNkandla
ingoba ubesehluphile ezikoleni ezingasekhaya, bayiletha abokubo kantombazane le
ngane Ine nyanga eyodwa nje VO,
Ngiyazama ukwenza yonke into ukujabulisa umama but not even once wake wathi
uyabonga, ngonyaka ka 2022 July kwaphuma imali kwi policy ka Baba it was that
much kwaku R12000 uMama mina wanginika uR200 wayithatha leyomali wenzela lo
ongilamayo ukuthi ambulwe ingubo, 2023 May kwaphida kwaphuma enye imali
wanginika R500 yena wamnika R3500 excluding le enikwa Lezi ngane Zakhe ezu 4.
Noma nginganzama uMah asoze mina wangikhetha uncamela abantu bangaphandle
kunami, angiqashwa ngisho ezindawen ezidinga only Matric, kwathiwa nginenkinga
yemimoya/imimoya ka mama ayiganiswanga, uMama uyazi kodwa akakhathali, 2
weeks back ngicele ukuthi angiphe imali yokuya kwa Nongoma komunye uBaba
wesiZulu okuthiwa uyasiza... Wangnika u R200 a day after lapho lo ongilamayo
wafona, umah wamfakela R1500 same time.
Mah lendaba inde futhi ngiyabon amandla asengiphelele, ngicela ningsiza...uma kunj
kwezniwa njani.Abazali bethu bayasiqatha ngendella abaenza ngayo, ukuthi
basikhethe basibangela inzondo engenzsidingo ngoba akasiphathi ngendlela efanayo
njengezingane zakhe. ..Ngicela ukuzwa kumlallei nakwabanye abazali ukuthi into
enje yenziwa njani? Angibonge futhi ngixolise ukuba mude mam KHOZA.

 

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us