Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 April 2024

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 April 2024

Published 1 year, 11 months ago
Description

Ngiyabingelela Makhoza nethimba lakho, Ngicela
ungifihle kulenkinga engibhekene nayo engidla nsuku zonke ngingatholi
ukwelapheka 
Mamkhoza ngicela ukuqala ngokuba ngizisole mina ngoba kuze kufike lapha
uqobo lwami engahlulwa isimilo nokwenza ngazithola ngisenkingeni 
Ngingowesilisa oneminyaka engu 34 ngingene othandweni nowesifazane
esithi masilingane naye , bekukuhle othandweni lwethu lo wesifazane
ngimfice enengane eyodwa eneminyaka emihlanu (5yrs) ingane yakhe Lena
ibingikhonzile kakhulu futhi isikwazi nokwenza I video call ixoxe nami 
Kuthe ngisothandweni nalona wesifazane ebengijabule ngaye naye ejabule
ngami saxoxa ngahamba ngavela kubo bangamukela kwakuhle ngakhokha
engakukhokha ngenhloso yokuqhubeka, ngenxa yebanga nokuqhelelana  

ngamatoha ngibe sengizithola ngilingeka ngaba sothandweni nomunye
wesifazane owabe eseduze nalapho ngihlala khona. 
Ngelinye ilanga intombi yami lena engayovela nasekhaya kubo wavele
wakhetha uzoa engashongo lapho engihalal khona nokwathi wafika
wangithola nginomunye lo walapha eduze endlini, eyi ngazisola kakhulu
kwamlimaza umuntu wami lokho kwaya kwaya kwavele ukuthi umuntu wami
lo engaziwa kubo uzethwele, ngaleso sikhathi ngazisola ngaxolisa kumuntu
wami kwaba sengathi uyamukela isixoliso sami 
Kuthe Uma esethola umtwana lo ongowami ngaya ngambona
kwakuhle,emveni kwalokho wabe esengitshela ukuthi empeleni yena
uyahluleka ukumelelana nalento engayenza ngiphinde ngixolise ngizithobe
ngizame konke ukumkhombisa ukuthi ngangilingekile Cha akangakuzwa
lokho. 
Ube esengitshela ukuthi kusuka manje akasathandi ukuba ngizobona ingane
yami ngoba le engamfica nayo iyaphazamiseka emqondweni ilokhu ithi baba
Kimi kanti yena akasekho kulokho akasafuni ukuthi ingibize ngoBaba, kwaba
nzima kodwa ngamukela ngase ngicela ukuthi okungenani Ade engazisa
ngomtwana ocingweni ngoba usemncane, kwaba ngathi uyavuma kwadlula
izinsukwana wangitshela ukuthi ngeke yena akumele ukuthi ngihlale ngibuza
ngengane okuncono angilinde akhule akwazi ukuzikhulumela ngobe
sengixhumana naye .. kwabanzima kakhulu 
Ngicela abalaleli bangeluleke ukuthi kwenziwa njani Uma kunjena kumanje
angazi kwakuthi unjani umtwana ngoba nasezincingweni sengiblockiwe nakwi
whatsapp  ngibuhlungu ngoba ngiyafisa ukwazi ngomtwana ,yebo
ngonile Mam Khoza ngiyazi kodwa manje ungivale ukuthi ngibone nayo
ingane, akasangazisi nookuthi ingane injani, imali yokuthi akwazi ukuthi
ayinakekele ingane ngiyayithumel akodwa mina nagivumelekile ukuthi ngizwe

ukuthi ingane yami injani.
NGIYABONGA 
Ongathandanga ukudalulwa

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us