Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D  1 July 2024

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 July 2024

Published 1 year, 8 months ago
Description

Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile nami
okusenhlizweni yami, ngikhungathekile.
Ngingowesilisa oneminyaka engaamashumi amathathu (30years) bengikade ngisebudlelwaneni
nowesifazane osekhulile kunami ngoba uneminyaka engamashumi amane (40 years) ekusho ukuthi
ungishiya ngeminyaka eyishumi ubudala.
Inkinga yami iqala emuva kokuthi sambatha sbbabili savuka sibathathu, shukuthi wakhulelwa
ngokusho kwakhe ngoba ungumuntu engamthola ngase khaya kodwa njengamanje mina ngihlala eGoli
ngisondelele amatoho, inkinga iqala emuva kokuthi sike salahlalekelana ngoba ngangihlushwa ucingo,
sangaxhumana kahle kodwa shukuthi wazama ukungithola ngoba emuva kokuthi sengizamile
ukulungisa ucingo ngikwazile ukubona imilayezo yakhe nezithombe zengane isizelwe.
Ngizamile ukondla ingane ngilokhu ngithumela imali yengane njengoba ewumuntu ongasekhaya mina
ngise Goli, ngizamile ukumcela ukuthi ingane ngizocela ukuthi iye ekhaya ukuze izobonwa ngabazali
bami, wanqaba waphetha , kanti lona wesifazane ingane akuyona eyakhe yingane yendodakazi yakhe
endala, shuktuhi ubeqamba amanga sonke lesi sikhathi , lokhu ngikuthola ezinkundleni , ngibone
kubhale ingane yakhe ifake yona lengane engithi yeyami kanti akuyona eyami, mangimbuza ukuthi
wethuleleni ngesikhathi ngiyobona ingane ekhaya kubo wangitshela ukuhi ubecabanga ukuthi uMama
wakhe uayyikhulumela nje.
Ingane isisenminayak emithathu manje, sengiyenzele lezozinto ezincane ebengilokhu ngizithumela ,
ngimnikeza nemali ebeyifuna, ngapha nengane besengakhe ubudlelwane nayo, lokhu okwenzekayo
kuyangihlukumeza angazi ngingabhekana kanjani nakho. Ngicela abalaleli bangicebise ukuthi
ngingabhekana kanjani nalesimo.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us