Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D  - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngoNkosikazi wakhe ngenxa yento ayibone ocingweni lankosikazi.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngoNkosikazi wakhe ngenxa yento ayibone ocingweni lankosikazi.

Published 1 year, 8 months ago
Description

Ngiyabingelela Ku Mam Khoza nabalaleli bo Khozi FM
ngicela ukuba ngu anonymous ngibike udaba lwami.


Ngingowesilisa oseneminyaka engu 8 eganiwe, uNkosikazi akaze anginike
isizathu sokungamethembi kodwa manje usanda kunginika sona shuthi ke
ezinsukwini nje ezedlule bengibheka ucingo lwakhe uMama wakwami
ngahlangana nengxoxo ephakathi kwakhe noNkosikazi kaMfowethu
omncane 
Ibiveza ngokusobala ukuthi uNkosikazi kaMfowethu uyajola kanti yonke into
uyayixoxa noNkosikazi wami, yonke lendaba ingiphathe kabi ukwazi nje
ukuthi kudlalwa ngomfowethu kanti uNkosikazi wami uyingxenye yakho
konke lokhu, yize kungekho engikutholile okuveza ukuthi hlampe noMama
wakwami naye kukhona akwenzayo eceleni kodwa angisamethembi nje
nhlobo kungenza ngizibuze ukuthi uma ekwazi ukuthula futhi aseke umuntu
ophingela umnyeni wakhe yena yini emuvimbayo ukuthi akwenze ngoba phela shuthi akakuboni akubi ngakho sekunzima nje nokuthi ngimthinte
ngoba kunzima ukuzitshela ukuthi yena uthembikile kumina
Ngiyamthanda kakhulu uNkosikazi wami, sino mndeni omuhle kakhulu kanti
futhi sisuka kude sinaye angifuni ukumosha umshado wami ngento
okungenzeka ukuthi ayikho , ngesimo samfowethu sokujolelwa
ngizomtshela lokho ngiyakwazi kodwa mina into engifisa ukulekelelwa
ngayo yile yowami umshado, ngingamthemba kanjani futhi uNkosikazi wami
ngiphinde ngikwazi ukumthemba njengasekuqaleni, ngingajabula uma
ngingezwa izeluleko kwabanye abafwethu abaseke badlula kulokhu ukuthi
babhekana nakho kanjani, ngibonge ithuba ngizolalela emsakazweni.

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us