Episode Details

Back to Episodes
#Jabulujule - Tea Time no Lady D   - Ngingowesifazane onganile obhekane nenkinga. Ngizwe ngodade kamnyeni wami, engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Ngingowesifazane onganile obhekane nenkinga. Ngizwe ngodade kamnyeni wami, engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili.

Published 1 year, 8 months ago
Description

Ngiyakubingelela LADY-D nomlaleli woKHOZI FM, nakhu nami ngibhekane
nenkinga, ngingowesifazane ngiganile, sineminyaka eyisithupha sishadile (6 years) kodwa ezinyangeni
ezimbili ezedlule ngathola ukuthi umyeni nejngoba ewumuntu osebenzela esifundazwnei sase
Mpumalanga kunomuntu ohlalisana naye. Ubelokhu engasabuyi uma kuyisikhathi sokuthatha i(LEAVE) ubengasabuyi ekhaya noma abuye
isiskhathi esincane aphinde abuyele emuva kanti uhlala nalomuntu wesifazane, ubengasafuni nokuthi
ngize lapha ehlala khona eMpumalanga, besekuyena kuphela omuya ekhaya nakhona ubuya isiskhathi
esifishane aphinde ahambe futhi.
Mam KHOZA ngigcine ngizwa ngodade wabo engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna
ukulobola unkosikazi wesibili kodwa lokhu ukusho ngathi uyangibuza ukuthi ngabe ngingakwazi yini
ukumelana nokuba sesithenjini. Ngamtshela ukuthi anngisoze ngayivuma leyonto ngoba wangithathyaa
eyazi inkolo yami.
Asikaze mina nomyeni wami siyikhulume nakancane indaba yokuthatha unkosikazi wesibili, kungcono
umuntu uama ekutshela kuqala ukuthi izinhloso zakhe ukuthi abe nomunye unkosikazi, okubuhungu
nakho konke�� ngizwa sengitshelwa udade wabo uktuhi ubhuti wakhe ufuna ukuthatha umfazi
wesibili.
Mina ngikhuliswe ngokwe nkolo yobuKrestu, angihambiselani nesithembu, angikaze ngikufihle lokho
kuyena, wangithatha azi kahle, manje ngididekile ukuthi kumele ngenze njani ngoba sinawo umndeni,
izingane zimbili, bengingathandi ukuthi izingane zami ngizikhulise ngedwa uYISE ekhona, lokhu
kuyinto esasentsha kumina angazi ngenze kanjani , isimo esinje ngalesi ubhekana kanjani naso Mam
Khoza, ngicela izeluleko kwenziwa njani makunje.
Mlaleli wokhozi fm Uma nawe unodaba ofisa sikusize ngalo siWU
JABULUJULE. Ungasithumelela ku mvundlass@sabc.co.za

Listen Now

Love PodBriefly?

If you like Podbriefly.com, please consider donating to support the ongoing development.

Support Us