Episode Details
Back to Episodes
#Jabulujule - Sikhuluma no nowesifazane oshadile othole ukuthi umnyeni wakhe unengane nomzala wakhe, ingane esina- 3 years.
Description
Ngingowesifazane Okuma40s ngineminyaka engu15 ngishadile nobaba wasekhaya kwenzeka
ngonyaka odlule ngathola ukuthi unengane nomzala wami bafihlile isina
2yrs.
Mam Khoza ngahletshelwa umakhelwane ngoba ebona ukuthi sengiyoze
ngidle ushevu ngoba umama kamzala uthi ufuna umyeni wami a obole
indodakazi yakhe. Uma ngibuza Umyeni wami ngaloludaba uthi uyayondla
ingane mina ngingangeni kuloludaba ngoba lomuntu Waye funa ukuchitha
umuzi wami, yena akamshelanga wamyenga walala naye hayi
ngobawayemthanda kwaba ukulingeka.
Inkinga ke MamDudu yimina esengingene ekukhulumeni ngoba Indoda
ingafuni ukuhlawula kuba sengathi yimina enginqabayo KaAnti nabo u-anti
nomzala abakazi bakhulume Nami ngizwe uhlangothi luka mzala, mina
ngazi elomyeni wami. Futhi wathi Leyongane ayisoze yeza emzini wami ngisho engafa.
Uze ethi ngamlethela isigebengu emzini wakhe esathi sizombulala. Monkey
lokho ngizwa ngomyeni wami Angilazi inside likagazi.
Inkinga ke konke lokho kuzoba sengathi kuPhuma kima kanti mina
ngitshelwa umyeni wami, bona njengabantu bakithi abakaze bengihlalise
phansi ngizwe side lamzala ukuze inganeyenzelwe imfanelo. Nokuthi nje
Thina singabantu abakholelwa edlozini awukwazi ukulahla igazi lakho
nakwelami uhlangothi akukuhle ukungazwani komndeni ngenxa yomona
nempakamo ngoba uma ngizwa kuthiwa umzala wathi ngihleli kahle emzini
wami manje uyabona ukuthi kunomona phakathi.
Ngiyaxolisa ukulula ngicela usizo kumiswa kanjani esimweni esifana nalesi.
Kuvaleleka amathuba omtwana ngento eyenziwa abantu abadala bese
kuba umkhokha omubi oyosala sesadlula emhlabeni. Nenzondo sezazana
izingane ukuthi yatholakala kanjani kube nenzondo mhlampe sebengekho
okumele bechaze iqiniso.